Menu
Mon panier

En cours de chargement...

Recherche avancée

Mbalenhle

Sinenhlanhla Msweli

  • T.L. Humphrey

  • Paru le : 16/10/2024
Le ncwadi ikhuluma ngentokazi eyayiwunondidwa egama layo lingu-MBALENHLE eyakhulela endaweni  yasemakhaya nabazali bayo kanye nodadewabo ababili.  UMbalenhle... > Lire la suite
4,99 €
E-book - ePub
Vérifier la compatibilité avec vos supports
Le ncwadi ikhuluma ngentokazi eyayiwunondidwa egama layo lingu-MBALENHLE eyakhulela endaweni  yasemakhaya nabazali bayo kanye nodadewabo ababili.  UMbalenhle lo wahluleka ukulimela  kahle igama lakhe (uMbalenhle) njengoba liqukethe ukuxhumana okujulile ngaye siqu sakhe, isiko  kanye nomlando womndeni wakhe. Wasiyeka isikole akabange esaphindela emuva kokukhulelwa kwakhe(wayengazi ukuthi wakhuleliswa ngubani) wabe eseya kwaNdonga ziyaduma eyofuna impilo engcono, akatshelanga muntu ekhaya ukuthi uyahamba wavele wanyamalala washiya nomntwana ekhaya wayoqala impilo yakhe kabusha engaziwa ukuthi washonaphi.
Nokho, wafike wathola lempilo yobukhazikhazi ayeyijahe eGoli. Impiloke iyashesha eGoli kodwa konke lokho ekugcineni kunomphumela wakho, kakhulukazi ngoba wayengafundile nje kwabalula ukuthi aheheke kwezonondidwa kuze akwazi ukuphila eGoli. Kwaze kwaba ukuthi uficwa ukugula engasekho ozomnakekela nahlala nabo impilo ayisafani nangenkathi esafika eGoli esaphila esebenziseka. Bamutakula bamushova ekhaya ehambe ebakhombisa engaze afele kubo.
Akubanga bikho mgodi wokucasha mefika emakha kwamele abhekane nazozonke izinkinga zakhe azishiya ekhaya nabuya nazo eGoli, nomakhelwane nampa bakhombana ngaye bayambabaza konke nomndeni ujabhela kuye ngesimo abuye ekuso emva kwemnyaka emingaka ayihamba ekhaya engaxoshwanga. Esebuyile ekhaya wazama ukulungisa iziphambeko zakhe ngokuxolisa enganeni nakubazali ukuthi wavele wanyamalala nje kwaqale kwanzima kwakhulukazi enganeni.
Izinkinga zakhe zaseGoli zamlandela wangazi uzokwenza njani, ngoba umsebenzi abeziphilisa ngawo eGoli uyambuyela manje izingane ayezikhipha seziyamhlupha manje futhi ngathi yizo emzimguisa okudlula isifo akabuye naso. Naphezu kwezinselelo abhekana nazo, uMbali wayezimisele ukulungisa futhi akhe kabusha impilo yakhe, ukuze azenzele yena  nomntwana wakhe ukuthi baphinde bazame ithuba ndawonye bekhande ubudlelwane babo.
Ngenkathi uMbali ebhekene nezinsuku zakhe zokugcina  wabuyelwa yiyoyonke imicabango ngempilo yakhe kanye nezinqumo ezimholele endleleni emnyama. Wayenethemba lokuthi indaba yakhe izoba yisixwayiso kwabanye, iveze ubungozi bokudayisa ngomzimba nokubaluleka kokuvikela impilo kanye nokuphila kahle komuntu. Ekugcineni, wathola ukuthula nokwamukelwa  abathandekayo bakhe. Wadlula emhlabeni azi ukuthi wayezungezwe uthando nokuthethelela.
Indaba yakhe yaba isikhumbuzo sokuthi kungakhathaliseki ukuthi siduka kangakanani nasekhaya, kuhlale kunendlela yokubuyela ekunethezekeni nasekufudumaleni komndeni kanye nomphakathi.

Fiche technique

  • Date de parution : 16/10/2024
  • Editeur : T.L. Humphrey
  • ISBN : 8227046369
  • EAN : 9798227046369
  • Format : ePub
  • Caractéristiques du format ePub
    • Protection num. : pas de protection
 Sinenhlanhla Msweli - Mbalenhle.
Mbalenhle
Sinenhlanhla Msweli
4,99 €
Haut de page