Menu
Mon panier

En cours de chargement...

Recherche avancée

Impumelelo

Mluleki Vincent Dladla

  • T.L. Humphrey

  • Paru le : 24/10/2024
Umbono wokubhala lezi zindatshana nguMluleki, naziphe igama: 'Impumelelo, ' waqhamuka ngenhloso yokufisa kwakhe ukuba naye abambe iqhaza ezindabeni ezingempilo... > Lire la suite
2,49 €
E-book - ePub
Vérifier la compatibilité avec vos supports
Umbono wokubhala lezi zindatshana nguMluleki, naziphe igama: 'Impumelelo, ' waqhamuka ngenhloso yokufisa kwakhe ukuba naye abambe iqhaza ezindabeni ezingempilo yengqondo ebantwini abasha baselokishini ahlala kulo, eWembezi. Kuyisifiso sakhe ukuba lezi zindatshana eziyishumi zivuselele inhlansi yethemba yokuba umuntu omusha aphumelele empilweni yize kunezinselelo ahlangabezana nazo ezinhlakeni zempilo ngokuhlukana kwazo.
Yize ukuqanjwa kwalezi zindaba kususelwa noma kwenzeka elokishini laseWembezi, futhi kuqhakanjiswa intsha ehlala khona emalokishini, lokhu makungamudikibalisi umfundi ongahlali elokishini, athi akakufanele yena ukuzifunda; ngoba izihloko ezitholakala lapha zithinta, ndlela thile, ngisho nabantu abasha abahlala ezindaweni ezehlukile. Ngalokho nazi ezinye zezindikimba ezitholakala kule mibhalo kaMluleki: izinkolelo nezinkoleloze; ezithinta imali noma umnotho; umona; impumelelo; kanye nokhwantalala.
Indaba Indlela YesiNtu ikhuluma ngomelaphi wendabuka olapha lona ozocela usizo esigodlweni sakhe, ngendlela eyehlukile kunalena ejwayelekile: okuwukucela ukungenelela kwabaphansi. Kungabe izosebenza le ndlela entsha yosizo, nengosikompiko nalo olwaziwayo? Endabeni Izandla Ziyagezana khona, kunowesilisa osemusha ongabazayo, ngenxa yezizathu ezithile, lapho ayefunda naye ethi uzama ukumtholela umsebenzi awudingayo.
Kungabe zithini izizathu noma izaba ezenza lona wesilisa abe manqika ukwamukela usizo oluza nontanga yakhe. Nsizw'enye! - kule ndaba khona sithola owesilisa ongawuqondi umuzwa anawo: wokubona omunye owesilisa ebukeka kahle. Uyazibuza ukuthi kungabe ungumuntu wesilisa ophelele yini ngalokhu? Endabeni Sesithembele Kuye UMdali khona, sithola ongumama nonomsebenzi wokweluleka ebandleni akhonza kulo, ezama ukuthola ukwalulekwa kwanaye, ngenxa yesimo sakwakhe lapho esola khona ukuthi izingane zakhe ziyahlobongana.
Ucela usizo nje, naye lona abheke ukuthi ameluleke, kwanaye unenkinga ethi ayifane neyakhe. Endabeni Impumelelo -  khona sithola amalunga omphakathi engawuvali umlomo ngababili abasha: abashadayo; bathenge umuzi othi bona; babe ngabazali abaqotho; babambe iqhaza elibalulekile emphakathini - konke bekwenza bengaliphumelelanga ibanga leshumi esikoleni, kodwa benza imisebenzi edelelekile emizini yabantu.
Indaba Umkhokha yona isibonisa ngowesilisa odliwa wunembeza ngenxa yomphefumulo akawukhipha eminyakeni edlule. Kanti yize asijezela lesi sezo sakhe, kodwa ukuthola kunzima ukuzixolela ngenxa yokucabanga ngesimo esithinta okwaziwa ngomkhokha. Endabeni Izibazi, owesifazane khona uzisola ngomlando wakhe akangawenameli, nayilapho waze wathola khona igciwane lesandulela ngculazi. Lokhu kwenza kube nzima ukungena ebudlelwaneni obusha nowesilisa akamthandayo, naye lo wesilisa angazi ukuthi naye unezibazi zakhe zempilo.
Indaba Ibhikili LikaGogo kuyo sithola owesifazane enesifiso sokuxazulula ichilo lendlala ebhekene nabantwana nezingane endaweni yangakubo. Ukhala ngokuthi izifundiswa zezwe kumele zibe sekhaleni ekuxazululeni izinkinga ezifana neyendlala. Endabeni Izingane Zingcwele khona sithola abasha ababili bebhekene ngeziqu zamehlo esiteshini samaphoyisa endawo, ngesizathu sezingane ebezidlala. Engani ingane yalona wesifazane ithole ijazi likamkhenyana ebelisetshenziswa yilona wesilisa benentombi yakhe, yase iziboneza into yokudlala.
Indaba Ubuholi Nombono kuyo sithola abasemandleni bedweba umugqa: wokulwa nesihlava senkohlakalo nokukhwabanisa nabathi kunciphisa amathuba omsebenzi kwizakhamuzi abasebenza ngazo. Laba beza noshwele, kanjalo nohlelo olungacwasi lokuqasha. Lawa bekungamanqampunqampu, mbijana, ngokusungulwa kwendaba ngayinye. Sengathi umfundi angafunda ngenkulu impumelelo, akwazi ukuzicabangela yena ngokwakhe ngokwenzeka ezindabeni; akuhlabe lokhu afisa ukukuhlaba, kuthi ngokunjalo futhi ancome nakulokhu okuncomekayo.

Fiche technique

  • Date de parution : 24/10/2024
  • Editeur : T.L. Humphrey
  • ISBN : 8227386212
  • EAN : 9798227386212
  • Format : ePub
  • Caractéristiques du format ePub
    • Protection num. : pas de protection
Impumelelo
Mluleki Vincent Dladla
2,49 €
Haut de page